Isaziso esiphuthumayo esiqhamuko esibhedlela esikhulu Chris Hani Baragwanath Hospital, Kuyacelwa ukuthi izihlobo ziphuthume zilande izihlobo zazo ezigulayo. Baningi abantu abahlezi esibhedlela ngoba abekho abantu basemakubo abazobalanda.
Abanye babo uthola ukuthi oDokotela babanikile incwadi egunyaza ukuthi sebeluleme, ngakho kufanele bahambe bayekhaya. Ngeshwa abanye babo abasakhumbuli kahle indlela ebheke ekhaya kokunye uthola ukuthi ama Address abhalisiwe a wrong.
Isibhedlela sithwele kanzima ngoba ayikho indlela yokuthi kutholakale ama Address okuyiwona kahle, ngakho kuyacelwa emphakathini ukuthi uma unesihlobo ekade sangena eSbhedlela uhambe uyo-checka ukuthi kuhamba kanjani?
Njalo ngenyanga Isibhedlela sikhipha i-List yamagama abantu abaxakekile ngenxa yokuthi abakhoni ukubuyela emakhaya ngenxa yezimo ezahlukene. Sizoqhubeka nathi sikhiphe amaList ku Monthly Newsletter. Siyabonga!